Abantu besifazane bangaphezu kwesigamu sabantu baseNingizimu Afrika yingakho-ke kumele amazwi abantu besifazane kumele afakwe uma kuthathwa izinqumo futhi kwenziwa nemithetho.
Lokhu kufakwa kwabesifazane ekwenzeni izinqumo kuyilungelo ngqangi labantu. abesifazane kumele babambe iqhaza ekwenzeni umthetho ngoba ukuqaliswa kwemithetho kanye nemigomo kahulumeni inomthelela ezimpilweni zabo zazonke izinsuku. okubaluleke kakhulu ukuthi, ucwaningo selukhombisile ukuthi uma abesifazane bebamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo, kuholela ekwenyukeni kokubhekwa ngqo kanye nasekwabiweni kwezinsiza ezenza ngcono izinga lempilo labantu bonke. 1 Ukunyuka kokubamba iqhaza kwabesifazane ekwenzeni umthetho kungelulwa kuholele ekwenziweni ngcono kokufinyelela kwizinsiza eziyisisekelo ezifana nezezindlu, ezemfundo kanye nezenhlalakahle.
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uthi kumele umphakathi uwazi ukufinyelela futhi uzibandakanye ePhalamende kanye nasezinhlelweni zalo. Kunezindlela ezehlukene lokhu okungenziwa ngazo.
Abesifazane bangabamba iqhaza ekwenzeni umthetho ngokuvotela iqembu lezepolitiki abacabanga ukuthi lingamela imibono kanye nokubakhathazayo kangcono ePhalamende. Bangabamba iqhaza futhi ekuhleleni kanye nasekusebenzeleni iqembu abalikhethile kanye nangokukhethwa bafakwe ezinhlakeni zalo. Abantu besifazane sebenyukele ezikhundleni eziphezulu ngale ndlela.
Amalungu omphakathi anelungelo lokwethamela imihlangano yamakomidi aphinde abambe iqhaza ezimbizweni zokuthola izimvo zomkhakathi ngokuthile. Uma kuwudaba umphakathi olangazelela ukuzwa ngalo, iKomidi leNdlu yesiShayamthetho kuZwelonke noma loMkhandlu kaZwelonke Wezifundazwe linganquma ukuba nezimbizo zokuzwa izimvo zomphakathi noma limeme ukuthi kufakwe iziphakamiso. Umphakathi ungazisa iKomidi leNdlu yesiShayamthetho kuZwelonke noma iKomidi loMkhandlu kaZwelonke Wezifundazwe izimvo zawo ngezinkinga okunengxoxompikiswano ngazo. Amalungu omphakathi angathinya iLungu lePhalamende ukuze azwakalise uvo ngengxenye yomthetho.
Umthethosisekelo waseNIngizimu Afrika uhlinzeka ngohlaka lokugqugquzela ukulingana ngokobulili, futhi kanye nokubamba iqhaza kwabantu besifazane ekwenziweni komthetho. UMthethosisekelo uqukethe okuhlinzekiwe okuyidlanzana okukhulisa ukulingana ngokobulili. UMqulu Wamalungelo uqinisekisa ukuphathwa ngokufana kwabo bomke abaseNingizimu Afrika. Kuvimbela ukucwasa okungenasidingo okusekelwe kuhlanga nobulili.
UMqulu Wamalungelo ugcizelela ukuthi kumele kuthathwe izinyathelo zokugqugquzela ukuzuzwa kokulingana kuyo yonke imikhakha yomphakathi.UMthethosisekelo uhlinzeka izikhungo ezixhasa intandoyeningi, kanye nokubamba iqhaza kwabesifazane. Lezi zikhungo zihlanganisa IKhomishana Yokulingana Ngobulili kanye neKhomishani Yamalungelo Abantu yaseNingizimu.
Indlela yokuqala nebaluleke kakhulu yokuthi abesifazane bazibandakanye ePhalamende ingesikhathi sokhetho. Indlela ababntu abavota ngayo ngesikhathi sokhetho ikhomba ukwakhiwa kweNdlu YesiShayamthetho kuZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke Wezifundazwe. Ukhetho lukazwelonke lunika bonke abantu abangaphezu kweminyaka eyi-18 ilungelo lokuvotela iqembu abalithandayo. Abesifazane benza inani elikhulu labavoti futhi bangasebenzisa ilungelo lokuvota ukuze babe nomthelela ekuthini iPhalamende lakhiwa kanjani, nokuthi isikhungo sikubeka kanjani phambili ukuthuthukiswa.
UMnyango omusha Wabesifazane, Izingane Nabantu Abaphila Nokukhubazeka wakhelwe ukuqinisa okwenziwa uhulumeni ekuthuthukiseni kanye nasekuvikeleni abantu abasengozini emphakathini wethu.
Noma abantu besifazane beyiningi ebantwini baseNIngizimu Afrika, abantu besifazane baseyidlanzana uma kuziwa ekuthathweni kwezinqumo. Kunezinselele eziningi ezivimbela ukuthi abantu besifazane badlale indima ephelele nezwakalayo, futhi enkulu kunazo zonke ubumpofu. Ubumpofu yimpi ebhekene nabantu besifazane abaningi eNingizimu Afrika, ikakhulukazi abantu besifazane basemaphandleni. Ukufinyelela kwizinsiza eziyisisekelo ezifana nezemfundo, amanzi kanye nezenhlalakahle kufunzelelwe ubudlelwane bokungalingani ngokobulili, uhlanga kanye namazinga ngokwenhlalo. Ukuze abantu besifazane babambe iqahaza ngokuphelele ekwenziweni komthetho, ukufinyelela kwabantu besifazane kwizinsiza eziyisisekelo kumemele kwenziwe ngcono. Abantu besifazane abampofu bafinyelela ngokungenele ezikhungweni ezenza umthetho.
Abantu besifazane abaningi bantuka ukuhlonyiswa ngokwezomnotho. Abantu besifazane ngokujwayelekile bayiqembu elintula kunawo wonke eNingizimu Afrika futhi maningi amathuba okuthi bangaqashwa kakhulu noma bangasebenzi. Phezu kwalokho, igciwane lesandulela ngculazi kanye nesifo sengculaza kuthinta ingxenye enkulu yabantu besifazane, ikakhulukazi abantu besifazane abasebencane abakwiminyaka yabo yokuthola abantwana.
